USUKU NGOSUKU LUNGABA OLOKUNQOBA NGAMANDLA KAMOYA ONGCWELE

Ungakamemukeli uJesu Kristu abenguMsindisi wakho, ubuziphathele wena ngokwakho impilo yakho. (Ulsaya 53:6).

Ekumamukeleni kwakho uJesu Kristu, uMoya Ongcwele waqala ukuhlala phakathi kwakho. (KwabaseRoma 8:9).

NguMoya Ongcwele owenza ukuba amakholwa onke aphile impilo yokuthokoza. (11 KwabaseKorinte 3:18).

IBHAYIBHELI LIYAKHULUMA NGOMOYA ONGCWELE.

Lisitshela lokhu okulandelayo:

1. UMoya Ongcwele unguNkulunkulu (Izenzo 5:3-5).

2. UMoya Ongcwele uhlala phakathi kwabo bonke abamamukeleyo uJesu Kristu (1 KwabaseKorinte 3:16).

3. UMoya Ongcwele unguthishela wethu (Johane 14:26).

4. UMoya Ongcwele uyasisiza ebuthakathakeni bethu (KwabaseRoma 8:26).

5. UMoya Ongcwele unamandia ukwedlula bonke abanye omoya. (1 KaJohane 4:1-4).

6. UMoya Ongcwele uveza izithelo zikaMoya empilweni yethu (KwabaseGalathiya 5:22, 23).

7. UMoya Ongcwele usinika amandia okufakazela uJesu Kristu (Izenzo 1:8).

IBHAYIBHELI LISITSHELA NGEZINHLOB0 EZINTATHU ZABANTU, UHLOBO LOKUQALA

1. UMUNTU ONGESILO IKHOLWA:

Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokoMoya." 1 KwabaseKorinte 2:14

Phawula lokhu okulandelayo …

Lomfanekiso olandelayo uyasikhombisa ukuthi umuntu ongesilo ikholwa unjani:

UMUNTU ONGESILO IKHOLWA

laws dot

Isihalo sobukhosi esibusa impilo yomuntu.

M u - Mina
cross UJesu Kristu


1. UJesu akekho empilweni yalomuntu.

2. UMina nguyena osesihialweni sobukhosi. Lomuntu uziphathele yena implio yakhe.

3. Okudingwa yiloluhiobo lomuntu, ukuba amukele uJesu Kristu abenguMsindisi. Olwesibili uhlobo lomuntu ...

ll. IKHOLWA ELIGCWELE UMOYA ONGCWELE

Lapho simemukela uJesu Kristu abenguMsindisi wethu, uMoya Ongcwele uthatha indawo phakathi kwethu ahlale khona. (KwabaseRoma 8:9). Ukugcwaliswa ngoMoya kusho ukumvumela uJesu Kristu ukuba ayibuse impilo yethu futhi asihole. IBhayibheli Iiyichaza ngalendiela elandelayo impilo egcwalisiweyo ngoMoya Ongcwele:

"Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukhomthetho omelana nokunjalo. " KwabaseGalathiya 5:22, 23

Lapho simvumela uJesu Kristu ukuba abuse impilo yethu, sizofisa ukumthokozisa uNkulunkulu, kulifunda iBhayibheli kanye nokuthandaza. Sizofisa futhi ukubatshela abanye ngoJesu Kristu, nokuhlanganyela kanye namanye amakholwa. (IZenzo 1:8).

Phawula lokhu okulandelayo …

Lomfanekiso olandelayo uyasikhombisa ukuthl lknolwa eligcwalisiwe ngoMoya Ongcwele linjani:

IKHOLWA ELIGCWALISIWEYO NGOMOYA ONGCWELE

Lelikholwa linalokhu okulandelayo.....

- uKristu usesihlalweni- Linamandia kaMoya Ongcwele- Liletha abanye kuKristu- umkhuleko walo uyaphendulwa- liyaliqondisisa lzwi likaNkulunkulu- liyamethemba uNkulunkulu

- liyamlalela uNkulunkulu

 

spiritual man

Impilo yalo inalokhu okulande loyo......- Uthando- ukujabula- ukuthula- ukubekezela- ububele- ukukholeka

- ubumnene

 

 

 

 

 

 

  1. UJesu Kristu ukhona empilweni yalelikholwa njengoMsindisi walo.
  2. UJesu Kristu usesihialweni, uyaylbusa impilo.
  3. U-Mina wehlislwe esihialweni, useyinceku edinga ukulalela uJesu Kristu.
  4. Lapho lelikholwa limvumela uMoya Ongcwele ukuba alibuse, lizoya ngokuya liveza izithelo zikaMoya empilweni yalo.

Nokhoke, uma ikholwa lingagcwalisiwe ngoMoya, liphenduka uhlobo lwesithathu

lll. IKHOLWA ELIZIBUSAYO

lkholwa elizibusayo (eligxile ezintweni zezwe), linake ukuzithokozisa Iona, kunokuthokozisa uNkulunkulu. Lelikholwa linjengengane yona ethanda ukuzihambela ngeyayo indlela njengabantu balelilizwe.

Nakhu okushiwo yiBhayibheli mayelana nekholwa elizibusayo.

'Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwaboMoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu. Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudia okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini, ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona pakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?" 1 KwabaseKorinte 3:1-3.

 Manje qaphelisisa ...

Lomfanekiso olandelayo uyasikhombisa ukuthi lkholwa elizibusayo linjani:

IKHOLWA ELIZIBUSAYO

Nakhu okuphawulekayo kulelikholwa......

- alimethembi ngokupheleleyo uNkulunkulu 

- Livame ukungamialeli  uNkulunkulu 

- Alibafakazeli abanye ngoJesu

- Alivamile ukukhuleka

- Alithandi ukufunda iBhayibheli

- Livama ukuba nemicabango engcolile

carnal man   Lingaba nalokhu okulandelayo......

- umona

- unembeza olilahlayo

- ukukhathazeka

- ukuphelelwa ngamandla

  1. UJesu Kristu usekhona empilweni yalelikholwa njengoMsindisi walo.
  2. U - Mina nguyena osehiezi esihialweni, eyibusa impilo.
  3. UJesu Kristu akayibusi lempilo.

lkholwa elizibusayo liyafuna ngesinye isikhathi ukumthokozisa uNkulunkulu kepha …

Liyafuna kaningi-ningi ukukwenza okulungileyo kepha lifumana ukuthi liyehluleka ...

"Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo. Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, wo mina-muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na?" KwabaseRoma 7:15, 18, 24.

Lesisimo size sidale ukuba ... lkholwa elizibusayo lingajthokozi empilweni yalo. Liphila impilo yokwehluleka. Ngesinye isikhathi aliziphathisi neze okwekholwa.

Ukubukeza esikufundileyo...

IZINHLOBO EZINTATHU ZABANTU

I. Umuntu ongesilo ikholwa  II. lkholwa eli gcwalisiweyo ngoMoya  Ongcwele III. lkholwa eli zibusayo

Kulezizinhlobo ezintathu, wena uyiluphi uhiobo na? Kulezizinhiobo ezintathu, wena yiluphl uhiobo ofuna ukuba yilona?

IKHOLWA ELIZIBUSAYO LINGAGCWALISWA KANJANI NGOMOYA ONGCWELE?

SIGCWALISWA NGOMOYA ONGCWELE NGOKUKHOLWA

Siphenduka amakholwa ngokukholwa (ukwethemba) kuJesu Kristu njengoMsindisi. Sigcwaliswa futhi ngoMoya Ongcwele ngokukholwa.

Ungamvumela uMoya Ongcwele ukuba akugcwalise futhi akubuse khona manje. Zintathu izinyathelo ongazilandela:

1. VUMA IZONO ZAKHO

"Uma sivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi." 1 KaJohane 1:9

Ukuvuma izono kusho lokhu okulandelayo:

a. Uvumelana noNkulunkulu ukuthi wena wonile.

b. Ukumbonga uNkulunkulu ngoba ekuthethelele izono zakho futhi wakugeza kuzo zonke ngenxa kaJesu Kristu.

c. Ukuphenduka ezonweni zakho ulalele uNkulunkulu.

2. ZINIKELE KUNKULUNKULU

"Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibeyizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga." KwabaseRoma 6:13

Ukuze siphile impilo egcwele uMoya Ongcwele, kufuneka simvumele uJesu Kristu ukuba abuse konke esikwenzayo.

Kufuneka ukuba abuse imali yethu, lsikhathi sethu, umsebenzi wethu, ubudlelwano bethu nemindeni yethu kanye nabangane bethu.

3. KHOLWA UKUTHI UNKULUNKULU UZOKUGCWALISA NGOMOYA ONGCWELE

Unkulunkulu uzokugcwalisa (okungukuthi akubuse futhi akuphe amandla) ngoMoya Ongcwele uma-nje umethemba ukuba uzokwenza lokho.

Mabili amagama okufanele ukuba slwakhumbule njalo:

UMYALO:

"Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya." Kwabase-Efesu  5:18

ISETHEMBISO:

"Yilesisibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucelé kuye."  I KaJohane 5:14, 15.

SICWALISWA NGOMOYA ONGCWELE NGOKUKHOLWA Ukukholwa kwakho ungakubonakalisa ngokuthandaza NANGU UMTHANDAZO ONGAWUKHULEKA

"Nkosi Jesu ngiyakudinga ukuba uyibuse impilo yami. Bengizibusa mina empilweni yami, kepha manje sengivumelana nawe ukuthi lokhu kuyisono. Manje sengiyaphenduka esonweni, ngiyazinikela kuwena ukuba ngikulafele. Ngiyabonga usungixolele. Sengiyawulalela umyalo wakho wokuba ngigcwaliswe ngoMoya futhi ngiyakwethemba ukuba lokhu uzokwenza. Manje sengiyabonga ngoba usungigcwalisile njengesithembiso sakho."

Uyathanda yini ukumcela uNkulunkulu ukuba akugcwalise futhi akubuse na?

Uyathanda yini ukuwukhuleka lomthandazo khona manje na?

UNGAZI KANJANI UKUTHI USUGCWALISIWE NGOMOYA ONGCWELE

Umcelile yini uNkulunkulu ukuba akugcwalise ngoMoya wakhe na? 

Usuyazi yini ukuthi ugcwalisiwe ngoMoya Ongcwele na? 

Ungaba nakho ukwazi ukuthi ngcwalisiwe ngoMoya Ongcwele ngokukholwa yisithembiso sikaNkulunkulu esiseBhayibhelini. 

Lomfanekiso uyakhombisa ukuthi lqiniso leBhayibheli, Ukukholwa neMizwa kusebenza kanjani empilweni yakho yobuKristu.

train 

1. lqiniso linamandia okusihola.

2. Ngokukholwa siyahianganiswa namandia eqiniso.

3. Uma silaleia iqiniso, imizwa yethu ilandela ngendlelaeyiyona yona.

4. Sethemba uNkulunkulu neZwi Lakhe. Asinciki phezu kwemizwa yethu.

UNGAQHUBEKA KANJANI UGCWALISIWE NGOMOYA ONGCWELE

Uma uphinda wona ngokuba usuphinde wayibusa ngokwakho implio yakho, kuzodingeka ukuba uphefumule ngokomoya: Lokhu-ke kusafanana nokuphefumula okwenzayo empliweni yakho yemvelo.

1. UKUKHIPHA UMOYA OMUBI

Vuma lsono sakho kuNkulunkulu (1 KaJohane 1:9). Phenduka kuleso-sono bese ulalela uNkulunkulu.

2. UKUNGENISA UMOYA OMUHLE

Cela uJesu ukuba aphinde asithathe isihialo sobukhosl (KwabaseRome 6:13). Methembe uNkulunkulu ukuba uzophinda akugcwalise futhi ngoMoya Ongcwele. Khumbula UMYALO wakhe Kwabase-Efesu 5:18 kanye nesi-THEMBISO sakhe kweka            1 Johane 5:14, 15.

Ngaso sonke isikhathi uma uMoya Ongcwele ekukhombisa isono empilweni yakho, phefumula ngokomoya, ngakho-ke impilo yakho izoba nokuthokoza.

UNGENZA UKURA UJESU KRISTU ABE SESIHLALWENI SEMPILO YAKHO NJALO UMA UMVUMELA UKUBA AKUGCWALISE NGOMOYA ONGCWELE NGALENDLELA

Methembe uNkulunkulu kanye nezethembiso Zakhe eziseBhayibhelini lkholwa lingeylphila impilo egcwele uMoya Ongcwele ngokukholwa kuphela Uma uMoya Ongcwele eyihola futhi eyibusa impilo yakho, nakhu okuzolandela:

1. Impilo yakho izoveza izithelo zikaMoya  (KwabaseGalathlya 5:22, 23).

2. Imikhuleko yakho izoba namandia impela  (EkaJakobe 5:16).

3. IBhayibheli uzoya ngokuya uliqondisisa  (11 KuThimothewu 3:16).

4. Uzoba nawo amandia okumfakazela uJesu Kristu  (Izenzo 1:8).

5. Uzoba namandia kaNkulunkulu okunqoba lzilingo nesono  (1 KwabaseKorinte 10:13).

IBANDLA LIBALULEKILE

lzikhuni zivutha kahle zihianganisiwe; kodwa uma ukhipha esinye sivutha, usibeke eceleni slyacisha. Kanjalo nawe ungeke uyiphile kahle impilo yokukholwa uma ungazihianganisi namanye amakholwa.

Kubalulekile ukuba uhambe uyozihianganisa nabanye abamukele uJesu Kristu ezinhlizlyweni zabo ukuba abe INkosi noMsindisi wabo.